Umuntu obekwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu ngumuntu okweledayo ifa nempahla yakhe . Uma ushade ngaphansi komshado wokuhlanganyela impahla , kanti owakwakho abekwe wumthetho njengohluleka ukukhokhela izikweledu umthetho wokuhluleka ukukhokhela izikweledu we-Insolvent Act, 1936, nawe ukuthatha njengomuntu ohluleka ukukhokha izikweledu (insolvent).
Uma obekwe wumthetho njengohluleka ukukhokhela izikweledu efuna ukubuyiselwa kwisimo sokungahluleki ukukhokhela isikweledu eminyakeni elishumi selokhu abekwa wumthetho njengohluleka ukukhokhela isikweledu, angenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle.
Ngobani abangenza izicelo zokubuyiselwa kwisimo esihle?
umuntu obekwe njengohluleka ukukhokha izikweledu ngokwakhe i-agent egunyazwe ngokufanele yomuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma lowo muntu ohluleka ukukhokhela izikweledu engahlali eNingizimu Afrika umfelokazi noma umfelwa womuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma beshade ngokuhlanganyela impahla lowo awayengowakwakhe womuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma beshade ngokuhlanganyela impahla abaqokwe ukwaba ifa lempahla yomuntu oshonile.
Umuntu angenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle ngemuva kwesikhathi esingakanani lapho emuncwe impahla yakhe yafakwa ngaphansi kolawulo?
masishane ngemuva kokuba izindleko zabakweledwayo zikhokhelwe ngokugcwele noma uma umuntu obekwe njengohluleka ukukhokha izikweledu enze isicelo sokukhokha isikweledu ngokugcwele , nakhona isicelo sakhe sivunyelwe ngabangamakota amathathu abakweledayo, kanti obonwe njengohluleka ukukhona isikweledu ekhokhe izikweledu noma enze isiqinisekiso sokukhokha.
uma ezinyangeni eziyisithupha, kungazange kube nombango wesikweledu ngefa lobonwe njengohluleka ukukhokhela isikweledu kanti futhi ngaphansi kwesimo sokuthi lokhu bekungokokuqala umuntu obenwe njengohluleka ukukhokha isikweledu ebekwe ngaphansi kolawulo lokuthathelwa impahla kanti futhi umuntu obenwe njengohluleka isikweledu engenawo amanye amacala ake atholakala enawo.
ukusukela ngosuku u-Master aqinisekisa ngalo i-akhawunti yolawulo lwempahla yakhe; kanti futhi ngaphansi kwesimo sokuthi lokhu bekungokokuqala umuntu obenwe njengohluleka ukukhokha isikweledu ebekwe ngaphansi kolawulo lokuthathelwa impahla kanti futhi umuntu obenwe njengohluleka isikweledu engenawo amanye amacala ake atholakala enawo.
ukusukela ngosuku u-Master aqinisekisa ikhawunti yolawulo lwempahla kanti futhi uma obonwe njengohluleka ukukhokha izikweledu eseke wathathelwa amanyathelo olawulo lwempahla ngokuhluleka ukukhokhela izikweledu okungaphezu kokukodwa, kodwa ngaphansi kwesimo sokuthi obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu akakaze atholwe enecela kumacala athize.
kwisimo lapho obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu, eseke watholakala enecala kumacala athize.
ngemuva kokuphela kweminyaka elishumi, obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu uyobonelelwa ukuthi abuyiselwe kwisimo esihle - ngaphandle kokuba imiyalelo yenkantolo ibeke ngokunye, lapho abantu abathintekayo benze isicelo. Isicelo kumele senziwe kungakapheli iminyaka elishumi.
Ungenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle ngokwakho, kodwa uzodinga usizo ngezomthetho.
Xhumana nommeli noma nehhovisi lika-Master ukuthola olunye ulwazi olunabile kanye nosizo.
Bonisana nommeli wakho ngesikhathi sokwenziwa kwesicelo.
Xoxisana nommeli wakho ngezindleko.
Xhumana nommeli wakho noma aboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
